Yini ibizo?
Ibizo igama lento ebonakalayo nengabonakali. Igama lento esingayithinta nento esingeke sikwazi ukuyithinta.
IZINHLOBO ZAMABIZO:
Amabizomvama
Lawa amabizo ezinto esizijwayele. Lawa amagama esiwasebenzisa mihla namalanga.
isibonelo. Imoto, itafula, isinkwa, isihlahla, isitsha, izinwele, uthando njll.
Amabizoqho
Lawa amabizo aphathelene ngqo nalezo zinto. Lamabizo ngokuvamile aqala ngosonhlavukazi.
isib. Amagama abantu: uSipho, uMduduzi, uZandile, uGugu.
Izibongo zabantu: Zikhali, Ngcobo, Mthethwa, Nzimande, Gumede
Amagama amadolobha: eThekwini, eGoli, eMnambithi.
Amagama emifula: uMsunduze, uThukela, uMhlathuze
La mabizo siwabona ngokuthi aqale ngosonhlavukazi uma esemshweni.
Amabizoqoqa
La mabizo asho izinto eziningi uma ziqoqeleke ndawonye.
isib. izinto ezifana namatafula, izihlalo, amakhabethe kanye namabhentshi uma kuqoqeleke ndawonye sikubiza ngefenisha.
Izinkomo ezahlukahlukene uma ziqoqeleke ndawonye sizibiza ngomhlambi.
Upopo, umango,amapentshisi, ama-apula sikubiza ngezithelo.
Abantu abaningi abaqhamuka ezindaweni ezahlukeni uma behlangene sibabiza ngequlu.
Amabizomuntu
Lawa amabizo asuselwe ezenzweni zabantu noma imisebenzi abayenzayo. Lama bizo aphathelene nabantu kanye nemisebenzi abayenzayo. Lawa amabizo achaza umuntu ngesenzo asenzayo.
isib. Umuntu oshayela izimoto ubizwa ngomshayeli. (UMSHAYELI)
Umuntu omela abantu uma bebhekene nezinkinga zomthetho ubizwa ngommeli. (UMMELI)
Umuntu osakaza emsakazweni ubizwa ngomsakazi. (UMSAKAZI)
Umuntu ohlenga izimpilo zabantu ubizwa ngomhlengikazi. (UMHLENGIKAZI)
Amabizombaxa/amabizongxube
Lawa amabizo ahlanganisa izingcezu zenkulumo ezahlukene.
isib. Igejambazo
Igeja+imbazo= igejambazo
Ibizo+ibizo=
Imbuzimawa
Imbuzi+mawa=imbuzimawa
Ibizo+ isenzo