Isilandiso yigama elisilandisa kabanzi ngomenzi noma umenziwa emshweni.
Isilandiso siwumgogodla womusho ngaphandle kwaso umusho awupheleli.
Isilandiso sihlukaniseke kabili.
Ngaphansi kwesilandiso kukhona isenzo kanye nesibanjalo.
ISENZO
Isenzo yigama elisetshenziswa ohlelweni lolimi, lisho okwenziwa ngumenzi noma ngumenziwa emshweni.
isib. Umfana udlala ibhola. (Igama "udlala" liyisenzo kulo musho lisilandisa kabanzi ngomenzi)
ISIBANJALO
Sichaza ubunjalo bento.
Uma isenzo singekho kubalulekile ukuthi kube khona isibanjalo emshweni ukuze uzokwenza umqondo ophelele.
isibanjalo sina lezi ziqu ezilandelayo: Yi-, Wu-, Ngu-,
isib. Yinja ethengwe ubaba lena.
Wumuzi kagogo lona.