Isikhanyiso sisikhanyisela kabanzi ngesilandiso.
Ngaphansi kwesikhanyiso kukhona isandiso kanye ne senzukuthi.
ISANDISO
Isandiso siphendula umbuzo othi nini, kephi futhi kanjani.
Naso isandiso sihlukaniseka kathathu.
Isandiso sendawo
Lesi sandiso siphendula umbuzo othi kephi.
isib. Uthisha ushaye umfundi ekhanda. (Kulo musho igama ekhanda lisivezela ukuthi into yenzeke kuphi.
Isandiso sesimo
Lesi sandiso sigqamisa ukuthi into yenzeke kanjani / kangakanani.
isib. uThisha ushaye umfundi ekhanda kakhulu.
Isandiso senkathi
Lesi sandiso sisikhanyisela ngesikhathi into eyenzeke ngaso.
isib. uThisha ushaye umfundi ekuseni.